Johannesburg - Uvele eNkantolo yeMantshi eBolobedu ngoLwesine owesifazane osolwa ngokudlwengula owesilisa, kusho amaphoyisa aseLimpopo.
Lona wesifazane oneminyaka engu-46 ubudala unikezwe ibheyili ka-R1 000 kanti icala lakhe lihlehliselwe uFebhuwari 9, kusho uColonel Moatshe Ngoepe.
"Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi wanikeza isisulu umuthi othile ukuba awuphuze ngaphambi kokuba ‘asidlwengule’."
Kusolwa ukuthi udlwengule owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala ebusuku ngoLwesibili ngemuva kokuba emcele ukuba ayomsiza ngokuthile emzini wakhe ngesikhathi embona edlule ngendlela.
Funda nalolu daba: Kumbhedele owesimame odlwengule indoda.
Phambilini amaphoyisa abethe uneminyaka engu-26 ubudala lona wesilisa.
"Kusolwa ukuthi esemluthele endlini, ube esevala umnyango, wamkhumula wabe esemdlwengula ubusuku bonke.”
UNgoepe uthe isitho sangasese sesisulu besivuvukele ekuseni, sabe sesiphuthunyiswa esibhedlela.
"Lo mlisa usededeliwe esibhedlela kanti welulamela ekhaya. Ubelimele kakhulu,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).