Uphenduke iqhawe umfundisi wodumo eThekwini

2015-08-25 13:34

Durban – Umfundisi wodumo eThekwini uqonde abalisa abathathu ebekhombe owesifazane ngommese ePinetown ngoMsombuluko.

UMfundisi Vusi Dube ubone abalisa abathathu bekhombe owesifazane, oyisivakashi saseSingapore, emotweni ebimi ngaphambi kwakhe ku-Old Main Road.

UDube, 51, uthwebule kuqala izithombe zabasolwa ngeselula yakhe ngaphambi kokuba aphume emotweni yakhe abajahe.

“Ngesikhathi bengibona ngiphuma emotweni ngqonda kubona, bavele babaleka. Ngibajahile, kodwa bavele baphela emehlweni.”

Funda nalolu daba: Uthole isibhaxu angasoze wasikhohlwa umfundisi wodumo

“Noma yinini ngizozijaha izigebengu, akukhathalekile ukuthi ngingumfundisi. Isisulu bekungenzeka kube yilungu lebandla lami,” usho kanje.

“Angizange ngikhathazeke ngokuphepha kwami, ngicabangele owesifazane obesengozini. Bengicabanga ukuthi bamkhombe ngesibhamu.”

 “Baningi abantu abasibonile lesi sehlakalo kodwa akukho abakwenzile. Ngisho sengibajaha abasolwa, bavele bangibuka nje.”

 Uthe owesifazane bamphuce isikhwama semali kanye neselula yakhe.

“Bekubonakala nje ukuthi usathukile ngabe sengihambisana naye njengoba ebelibhekise eHillcrest. Izithombe ngizozinikeza amaphoyisa namhlanje ukuze babanjwe abasolwa.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.