Gaborone - Umfana oneminyaka engu-11 ubudala ushonile ngemuva kokushaywa yimamba emnyama esifundeni iSelibi-Phikwe, enkabeni yeBotswana, ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa.Lo mfana, ugogo wakhe nabanye bebeqongelela amasonja ezihlahleni, kusho okhulumela amaphoyisa uSuperintendent Takongwa Mazwiduma.Umufi nabangani bakhe babone le nyoka base beyijaha yaze yayongena emgodini wayo, ibe isiphenduka ishaya lo mfana washonela esibhedlela.OLUNYE UDABA: Uzame ukugaya inyoka ngomshini wokuwashaUMazwiduma uthe abantu abashaywa yizinyoka noma abalunywa yizilwane zasendle kumele babikele izikhulu ngokushesha.Kulesi sigameko, kubikwe sekudlule isikhathi, nokwenze kwaba nzima ukuthola le nyoka.Imamba emnyama ingezinye zezinyoka eziyingozi kakhulu emhlabeni. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter