Uphrojusa ukhala ngokushaywa indiva ngoweKwaito

2015-03-23 16:03

Durban – Uphrojusa ukhala ngomculi weKwaito uL'vovo Derrango osemshaye indiva ngemuva kokumkhiqizela izingoma ezingaphezulu kwengxenye kwi-albhamu yakhe esihloko esithi The Boss.

Ngokubika kweDaily Sun uDerrango ogamalakhe langempela nguThokozani Ndlovu ngale albhamu uhlabane ngendondo yamaMetro FM emkhakheni weBest Kwaito kanti yona le bhamu isanda kuqokwa futhi emkhakheni ofanayo kumaSouth African Music Awards.

Ngokusho komthombo waleli phephandaba uGoodman “Guetta” Khumalo ukhala ngokuthi uLvovo uqhakambisa uTira noCleo ngomsebenzi wakhe.

Umthombo uthe uDerrango akamubali nokumbala loGuetta kubantu asebenze nabo kule albhamu ebinezingoma ebezihlanyisa abantu ngoDisemba.

OLUNYE UDABA: Buka uL'vovo ezivocavoca - Ivideo

“UGoodman nguyena owakhiqiza izingoma cishe zonke ezikwile albhamu kodwa akakaze anuke ngisho indibilishi ngomsebenzi wakhe kunalokho kubalwa kakhulu uTira noCleo.

Nakuba ephatheke kabi ngesenzo sikaLvovo kodwa akafuni ukukhombisa ngoba usancenge ukuthi lo mculi amsayine ngaphansi kwenkampani yakhe iDerrango Records,” kusho umthombo.

Ethintwa uGoodman uthe wenze cishe u-70% we-albhamu yalo mculi.

“Isivumelwano besithi uzokhipha ingoma yami kulo nyaka ngaphansi kwenkampani yakhe kodwa akukho ebesikubhale phansi.”

Akafunanga ukuqhubeka nokuphendula imibuzo yaleli phephandaba njengoba ecele ukubuye athintwe.

ULvovo usole uGoodman ngokuhluleka ukuziphatha ngendlela efanele.

“Usephoxe umoya wami njengoba bengisajabulela ukuqokwa kumaSama,” kusho uLvovo.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.