Uqophe umlando uPatrice Motsepe

2014-12-28 08:03
Cape Town - Iqophe umlando injinga yakuleli uPatrice Motsepe nomkayo uPrecious ngokuba ngosozigidigidi bokuqala abamnyama ukuthenga isithabathaba somuzi endaweni yekhethelo eKapa.

Ngokubika kweSunday Times lo mndeni wakwaMotsepe uqophe umlando ngokuthenga lesi sithabathaba esisendaweni ebizwa ngeBishopscourt eseningizimu yeKapa futhi waphinde waqopha omunye umlando ngokuthenga ngemali enkulu kunayoyonke imizi ekhona kule ndawo.

Kubikwa ukuthi uMotsepe uthenge lo muzi ngesizumbulu esinguR69 million okuyisamba esikhulu okuke kwadayiswa ngaso umuzi kule ndawo.

OLUNYE UDABA: UMotsepe unikelele i-Ebola ngo-R10m

Ngokombiko lesi sithabathaba sigabe ngeTennis Court, Cinema, amagumbi okulala ayisithupha, swimming pool, indawo yokubhemela isigazu kanokusho, indawo yokuzivocavoca, yigaraji elingangena izimoto eziyishumi, udeda ngendlale wengadi egabe ngezitshalo zendalo, nokunye okuningi.

Kubikwa ukuthi umnikazi walo muzi odabuka e-Europe ngo-2011 lo muzi wayewubizisa u-R98 million kodwa ngenxa yokuthi akekho owawuthenga futhi wayesejahe kakhulu ukuwudlulisa ngonyaka odlule wayehlisa yafinyelela ku-R69 million.

Ngokwemiphumela yeFrbes ka-2014 uMotsepe ophethe izinkampani ezahlukene neqembu lebhola likanobhutshuzwayo iMamelodi Sundowns ugabe ngo-$2.1 billion (R31.3billion).

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.