Usabise amaphoyisa ngenyoka obengafuni ukuboshwa

2015-08-18 07:15

Kampala - Kusale kancane ukuthi amaphoyisa ase-Uganda azimoshele ngemuva kokuba "umthakathi" ewajikijele ngenyoka ephila ngesikhathi bezama ukumbopha.

Ngokubika kweDaily Monitor, amaphoyisa aseKasese Central athuke koma nasozwaneni ngesikhathi lo mthakathi waseKidodo ewajikijela ngenyoka ngoba engafuni ukuboshwa.

Lokhu kuqhamuke ngemuva kokuba umfundi evulele lo mthakathi icala ngemuva kokumqola isamba semali elinganiselwa ku-R29 000.

Kusolwa ukuthi lo mthakathi ujikijele inyoka emaphoyiseni amabili maqede wacela empunzini.

OLUNYE UDABA: Ukhiphe umyalezo 'umholi' weBoko Haram

"Sikwazile ukuncenga amalungu omphakathi ukuthi ayibambe le nyoka ngoba besiyisaba nebala akwazi ukuyibamba ayivalela endaweni ephephile.

Ngemuva kokubanjwa kwale nyoka sikwazile ukumbopha umsolwa.

Siphinde sakwazi nokuthola isamba semali engu-R29 000 ebiqolwe lo mfundi,"kusho okhulumela amaphoyisa uRichard Ssuna.  

Uqhube wathi nenyoka bayithathile nayo bayogcina.

Kuvele ukuthi icala lokuqola nelokuqamba amanga lihoxisiwe kodwa lo mthakathi ugcine ethweswa icala lokutholakala nesilwane esiyingozi ngaphansi komthetho wezilwane kuleli zwe. 

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.