Usale emabokoboko obanjwe inkunzi amanqina enkukhu

2015-08-13 10:06

Bloemfontein – Usale nembebevu owesilisa obanjwe inkunzi izigebengu zazama ukumphuca amanqina akhe enkukhu eWesselsbron eFree State ngokusho kombiko.

Ngokubika kweDaily Sun uTshepo Fox oneminyaka engu-32 ubudala kwase kunesikhathi ehalela amanqina enkukhu amnandi.

Ngempelasonto wavakashela umzala wakhe wamfica ewaphekile.

Ngenxa yokuthi uyazifela ngamanqina wawadla wacela ukuhamba nawo amanye.

Esegoduka ngeSonto wahlangana notsotsi bamfuna imali bemubamba ngendluzula.

OLUNYE UDABA:  Kushone abathathu kusha umjondolo

“Ngesikhathi bengibamba babona ukuthi ngiphethe amanqina bazama ukungiphuca ngagoloza ngoba ngangizimisele ukubanika amanqina ami amnandi,” esho enanela ngokuthi wayefuna ukuwadla nesithandwa sakhe.

“Ngabancenga ukuba bangawathathi  amanqina ami.”

Uthe labo tsotsi ababili bamkhiphela ummese bamshaya baze bamgwaza kodwa akazange azibeke phansi njengoba enza konke okusemandleni akhe ukulwa nabo,

“Ngacishe ngafela uthando lwamanqina,” esho eqhuba ngokuthi waze waphaphama esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Stephen Thakeng uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhlsoso yokulimala ngemuva kokuba owesilisa ebanjwe inkunzi.

“Akukaboshwa muntu okwamanje,” kusho uThakeng. 

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
2 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.