Usaziwayo wodumo uboshelwe isivinini

2015-08-04 07:12

Johannesburg – Usaziwayo wodumo uThembi Seete ungalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokubanjwa edla amagalane ngonyanyavu lwemoto yakhe eGoli.

Ngokubika kweDrum lo saziwayo owazakhela udumo esayingxenye yeqembu iBoom Shaka iSunday World ibike ukuthi wephule umthetho ngokushayela ngesivinini sika-119 km/h endaweni okuvunyelwe isivinini sika-60 km/h e-Edenvale eGoli.

Lo saziwayo kubikwa ukuthi waboshwa ngamaphoyisa akwaMetro Ekurhuleni ngosuku lweMandela Day.

OLUNYE UDABA: Isihlabani seGospel silandisa ngobunzima

Kubikwa ukuthi watshela amaphoyisa ukuthi wayephuthuma esikhumulweni sezindiza ukuyogibela ibhanoyi elibangisa eThekwini ukuyhambela umcimbi wama-MTV Africa Music Awards eThekwini.

Ngemuva kokuzikhipha ngebheyili ka-R5000 lo saziwayo wakhululwa kanti kulindeleke ukuba aphothule uhlelo lwakwaNicro olwenziwa yilabo abaphula umthetho womgwaqo.

“Lesi sigameko singikhumbuza ngokubaluleka kokuhlonipha imithetho yomgwaqo futhi singifundise isifundo,”etshela iSunday World.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.