Usebenza esibhedlela ovele enkantolo ngelokweba usana

2015-01-05 17:06

Cape Town – Ubesebenza ukuhlanza isibhedlela owesifazane ovele enkantolo obhekene necala lokuntshontsha usana obelinezinsuku ezungu-12 luzelwe eGroote Schuur eCape Town.

UTobekaya Mgqaza oneminyaka engu-35 ubudala akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma uyaliphika leli cala ngesikhathi evele eNkantolo yesiFunda yaseCape Town ngoMsombuluko ebhekene neMantshi uJoe Magele.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 13 kuFebruwari lapho kuzobe kulindeleke ukuthi afake ngokusemthethweni isicelo sebheyili.

UTobekaya waboshwa ngamaphoyisa ngoLwesihlanu ngemuva kokuficwa nalolu sana emijondolo yaseHarare eKhayelitsha.

OLUNYE UDABA:Kwebiwe usana oluzelwe esibhedlela

Kubikwa ukuthi weba lolu sana ngesikhathi lulele eceleni kukanina ewadini lobazobeletha ebusuku.

Umshushisi waleli cala uveze ukuthi bazosiphikisa isicelo sebheyili njengoba besaphenya ngomlando wakhe.

Ummeli kaTobekaya utshele inkantolo ukuthi lona wesifazane akakaze aphambane nomthetho phambilini futhi unendawo yokuhlala eyodwa.

Ubhekene necala lokuthumba usana uBaxolile ngesikhathi elele eduze kukanina uNoveliswa Fem Fem embhedeni wakhe ngosuku lukaNcibijane. 

Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape uFrederick van Wyk uphenyo lwamaphoyisa yilona oluholele emzini kaMgqaza.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.