Johannesburg – Ubhekene nenkinga enkulu yokuzichamela owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala nokuyinto athi yaqala ngemuva kokubeletha umntwana wakhe wesibili amthola ngohlelo lokuhlizwa.
UThembisa Sawula waseGreenfield Ekurhuleni utshele iDaily Sun ukuthi kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi ebeletha esibhedlela iNatalspruit njengoba ethi kusukela ngonyaka odlule eqeda kubelela akasazizwa uma ephiswe ukuchama kodwa ubona esezimatisile.
“Angiwuzwa umchamo uma uphuma kimina, ngimane ngibone sengimatile.
Lento imosha impilo yami njengoba sengilahlekelwe umsebenzi, isithandwa sami nabangani,” esho.
Uthe waya esibhedlela ukuyobabikela ngenkinga yakhe kodwa bahluleka ukumsiza.
OLUNYE UDABA: Ibhungu livuma eyokujola notikoloshe
Uqhube wathi waze waya kwesinye isibhedlela iCharlotte Maxeke ukuze athole ukuthi unayiphi inkinga.
“Bangisthela ukuthi ipayipi elidlulisa umchamo lasikwa ngesikhathi ngihlinzelwa ukuthola umntwana.
Ngizizwa njengengane enonyaka izelwe.
Sengiphoqeleka ukuthi ngihlale ngigqoke inabukeni,” esho.
UThembisa utshele leli phephandaba ukuthi ngaphambi kwalesi sigameko wayengumuntu ozethembayo futhi okhululekile.
“Ngemuva kwalesi sigameko singahlale ngizivalele endlini ngoba nginamahloni okuvela emphakathini nalesi simo,” enanela.
UMnyango wezeMpilo eGauteng uhlele umhlangano ophuthumayo noThembisa njengoba uPrince Hamnca omele lo mnyango bazolusukumela lolu daba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter