Rome -
Udokotela waseNtaliyane owangenwa yigciwane le-Ebola ngenyanga kaNovemba,
esebenza eSierra Leone, usededelwe esibhedlela eRome.
Udokotela
uFabrizio Pulvirenti, utshele abezindaba esesibhedlela iSpallanzani, wathi
ubegula kakhulu.
UPulvirenti
welashwe ngemishanguzo efanayo nesetsheniswa eMelika nasemazweni ase-Europe.
Lo
dokotela ungowokuqaka eNtaliyane ukuthi angenwe yi-Ebola.
Uveze
ukuthi uzimisele ngokubuyela eSierra Leone uma esebuyelwe amandla ngokugcwele.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).