Usesibhedlela odutshulwe kubanjwa inkunzi isitolo sokubhaka

2015-08-14 14:28

Cape Town – Owesilisa oneminyaka engu-72 ubudala udutshulwe walimala ngesikhathi kubanjwa inkunzi esitolo sakhe sokubhaka eMaitland eKapa ngokusho kombiko.

Ngokubika kwe-EWN lesi sigameko senzeke esitolo sokubhaka iBroadway Bakery ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Andre Traut uthe izigebengu zibaleke nesamba semali esingadalulwanga kulesi sitolo.

OLUNYE UDABA: ‘Kumele amiswe amaphoyisa athinteka kolwaseMarikana’

"Owesilisa oneminyaka engu-72 ubudala ongumnikazi walesi sitolo uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokudutshulwa ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokugamanxa kwehora lesishiyagalombili."

UTraut uqhube wathi bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko kodwa uphenyo seluqalile njengoba kuvulwe icala lokubamba inkunzi nokuzama ukubulala. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.