Usethathile umculi kamasikandi

2014-12-18 12:35

Durban – Kuzomele ziwachithe amanzi ibalekile inkukhu kwizintokazi ebezisazibhekile kumdlali womphebezo obuye abe ngumculi kamaskandi uLucas Sithole ngemuva kokuba ebophe ifindo likasofasilahlane.

USithole ohamba ngesihlalo esinamasondo ubophe ifindo likasofasilahlane nesithandwa sakhe uNontobeko Ngobese emcimbini wekhethelo obusoSizweni eNewcastle KwaZulu Natal.

UNontobeko uyindodakazi kaTholakale Ngobese oyilungu leqembu ikamasikandi Izingane Zoma.

Ngesikhathi ethintwa ngabeDaily Sun uLucas uthe:

“Bengingasakwazi ukulilinda lolu suku. UNontobeko usehlale name iminyaka emine kanti ungubambo lwami.

OLUNYE UDABA:Izingane Zoma zize neseka uZuma

Ngiyakuqonda ukuthi ukusha yigxathu elikhulu kanti kubalulekile ukuthi uma ukhula wakhe umndeni,” esho.

UNontobeko naye uzwakalise injabulo yakhe enanela ngokuthi uLucas umngani wakhe.

“Ngiyamthanda futhi uyangijabulisa,” esho.

UTholakele uhalalisele indodakazi yakhe nomyeni wayo.

“Anginawo amazwi, ngibafisela konke okuhle,” esho. ULucas noNontobeko banendodana enezinyanga ezinhlanu ubudala ogama layo nguThabiso.  

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.