Ushone ngesihluku umzukulu womlingisi wodumo

2015-08-17 07:09

New York - Sisemanzini isihlabani somlingisi wodumo waphesheya kwezilwandle uMorgan Freeman ngemuva kwesigameko sokubulawa ngesihluku kukamzukulu wakhe eNew York.  

Umzukulu wentombazane kaFreeman u-E'Dena (eh-DEEH'-nah) Hines utholwe egwazwe wabulawa ngeSonto emgwaqweni uManhattan.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa ahlangabezane nesidumbu salo mzukulu oneminyaka engu-33 ubudala  sidindilizile sinamanxeba okugwazwa esifubeni.

Uphuthunyiswe esibhedlela iHarlem kodwa ngesikhathi efika kwatholakala ukuthi sekumenele.

OLUNYE UDABA: 'Ngizo-bleach kuyoze kubuye uJesu'

Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala oficwe amaphoyisa endaweni yesigameko uvalelwe amaphoyisa ukuze aphekwe ngemibuzo njengoba kubikwa ukuthi senzeke ngaphambi kwendlu yakhe ku-West 162.

UFreeman ukhiphe isitatimende lapho ethe:  

"Umhlaba awusophinde ukwazi ukubona ikhono lakhe, nokuthi bekukuningi kangakanani abeza nakho kulo mkhakha wezobuciko".  

UHines wenza izifundo zokulingisa kanti ubesesebenza njengothisha kubantu abasha.

Ungumzukulu kankosikazi kaFreeman wokuqala.

Akukathweswa wumuntu ngaleli cala kodwa amaphoyisa aphenya icala lokubulala. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.