Ushonile owesilisa ulunywe induku yokuchama

2015-01-07 13:31

Benin – Owesifazane ubulale owesilisa edolobheni laseBenin ngokuluma induku yakhe yokuchama ngemuva kwengxabano ngokusho kombiko.

Ngokubika kwePulse.NG  laba baxabane ngemuva kokuba imoto yalona wesifazane ishayise eyalo mlisa ngosuku lukaNcibijane.

Kubikwa ukuthi kube nengxabano ethathe imizuzu embalwa ngaphambi kokuba babambane ngezandla nokuholele ekutheni owesifazane angenele ngamazinyo isitho salo mlisa.

OLUNYE UDABA: Ezinye zezinto eziwisa 'induku'

Kuthiwa lona wesifazane akazange ananaze njengoba emane waqonda ebhulukweni wayihlala ngamazinyo.

Le ngxabano yenzeke eceleni komgwaqo wobhuqu njengoba kuzwakale ngowesilisa eqandula yisililo.

Kuvele ukuthi ushone esendleleni ephuthunyiswa esibhedlela saseNyuvesi yaseBenin.

Lona wesifazane usizwe ngonogada njengoba umphakathi ubusufuna ukuzibambela mathupha kuyena.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.