Usola 'omakhelwane' ofelwe yizingane

2015-08-11 12:31

Johannesburg - UNthabiseng Magagula, ongumama wenye yezingane ezinhlanu ezishone ngesikhathi kusha umjondolo e-Orange Farm, ngeSonto, uthi ufusa sengathi ngabe uyena oshe nomjondolo washona, hhayi izingane.

UMagagula, ongumama wengane yomfana eneminyaka emine ubudala, encane kunazo zonke ezinye ezibulawe ukuhilwa yintuthu, uthe ubenethemba lokuthi ngelinye ilanga lezi zingane zizoqeda isikole, ziphumelele empilweni, kubika iThe Citizen.

Izingane ezishonile ziphakathi kweminyaka emine kuya kwengu-17 ubudala.

Funda nalolu daba:  Amaphoyisa athungatha umzanyana obaleke nosana

“Ubaba wami kanye nami besisendlini enkulu ngezithuba zabo-11pm ngesikhathi sizwa izingane ezimbili zingqongqoza kakhulu emnyango, zizobika ukuthi kuyasha.”

“Siphumele ngaphandle sayozama ukucisha umlilo, kodwa ubumkhulu kakhulu…kube sekuza iveni yamaphoyisa ebekade idlula ngendlela, kodwa nawo akukho abezokwenza. Ngesikhathi kufika abezicishamlilo bekungekho ebebesangakwenza ukusindisa impilo yabo,” kusho uMagagula.

Uthe akazi ukuthi umlilo ngabe udalwe yini kodwa basola isenzo sobuthakathi ngoba umjondolo ubengenazo izintambo zikagesi, amakhandlela noma isitofu sikapharafini.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.