Cape Town - Umholi wenhlangano iSe’skona
People’s Rights Movement, u-Andile Lili owake waba yikhansela le-African
National Congress, uthi angeke axolise ngezinsolo azenza ethi uNobhala we-ANC uSongenzo
Mjongile, nguye ophezu kwetulo lokumbulala.
ULili enenhlangano yakhe babize isithangani sabezindaba eKhayelitsha,
la akubeke khona kwacaca ukuthi angeke awahoxise amazwi akhe ekutheni uMjongile
ne-ANC yibo abafuna ukumsoconga, kubhala abezindaba zeCape Times.
Funda nalolu daba: Kudutshulwe u-Andile Lili
“Angeke sixolise, vele wuye ophezu kwetulo
lokungisoconga," kusho uLili osenikwe incwadi ephuma kubameli, emtshela
ukuthi kumele axolise.
“Sikholwa ukuthi uSongenzo
nguye ozama ukuqeda nya ngempilo yami. Kumele balindele incwadi evela kubameli
bami."
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).