Uthi ubezivikela odubule ababili kubangwa eyokupaka

2015-08-12 08:15

Durban – Owesilisa oneminyaka engu-57 ubudala odubule wabulala abantu ababili kubangwa indawo yokupaka emaflethini eThekwini, uthi ubezivikela, kutshelwa iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili.

Umshushisi uHerman Mouton uthe ozibonele kwenzeka lesi sigameko utshele iphoyisa ukuthi esinye sezisulu zikaBonginkosi Khanyile sitshele esinye ukuthi asiyolanda isibhamu.

Lokhu kuholele ekutheni uKhanyile adubule kuqala, ebulala izelamani o-Ahmed Vawda, 25, noMohamed Vawda, 31.

UMouton uthe ngokusho kozibonele, “ummangalelwa uxabane nesisulu sokuqala kubangwa indawo yokupaka. Umufi wokuqala ube eseshaya ummangalelwa”.

OLUNYE UDABA: Akucaci ngodutshulwe endaweni yokupaka izimoto eGoli

UMouton uthi unkosikazi kamufi uzamile ukumdonsa emsusa kuKhanyile, kwase kufika umfowabo kamufi naye washaya uKhanyile.

“Yingaleso sikhathi okuphuke ngaso izibuko zikaKhanyile,” esho.

UKhanyile udubule esebona ukuthi uyahlanganyelwa, nangesikhathi omunye umufi ethumela omunye ukuba ayolanda isibhamu.

UKhanyile ungaphandle ngebheyili ka-R20 000 kanti icala lihlehliselwe umhlaka-22 Septhemba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
5 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.