Uthole isibhaxu angasoze asikhohlwa umfundisi wodumo

2015-08-24 10:09

Pretoria - Uthole isibhaxu esinzima umfundisi wodumo ngesikhathi eyolanda okhiye bemoto yakhe eBB Silverton Nissan eTshwane ngokusho kombiko.  

UMfundisi Thembelani Jentile wodumo lwengosi kwiphephandaba eliphuma ngeSonto iSunday Sun uthe akasoze aphinde asikhohlwe isigameko esamehlela kule ndawo yokuthengisa izimoto.

Echaza uthe wathenga imoto ngonyaka owedlule watshelwa ukuthi kumele aphinde abuye ukuzolanda abanye okhiye bemoto njengoba ngesikhathi eyithatha yayinokhiye owodwa.

Uthe ngesikhathi esebuya ukuzofuna ukhiye wesibili wemoto yakhe bamyise ngapha nangapha.

"Ngomhlaka 29 kuJulayi ngaphindela ukuyofuna okhiye bemoto yami.

Banginikeza incwadi ekhombisa ukuthi usendleleni ukhiye wami kumele ngiphinde ngibuye ngizowulanda,"echaza.

Ngokusho kukaJentile uJohann Rheeder ongumnikazi wale ndawo yokuthengisa izimoto wamtalabha kanzima ngesikhathi esebuya ukuzolanda okhiye.

"Ngesikhathi ngifika ngafica uJohann esehhovisi lakhe wangitshela ukuthi angibuye ngakusasa.

Kodwa ngenxa yokuthi bese kunesikhathi ngibancenga ngamtshela ukuthi angiyindawo ngaphandle kokhiye bami,"eqhuba.

"Wabiza onogada ukuba bazongikhipha emagcekene ale ndawo waphinde wangisabisa ngokungibizela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe 'odlwengule ingane wayijova ngowezinkomo'

Ngesikhathi ezama ukudlula ngamvimba wabe eseqala ukungishaya wangingenela ngesibhakela ebusweni."

Uthe ngemuva kwalo mshophi wahamba wayovula icala esiteshini samaphoyisa eSilverton.  

Ethintwa uJohann udlulisele leli phephandaba kummeli wakhe uHein Beukes.  

UBeukes uthe: "Ikilayente lami yilona elihlaselwe uJentile.

UJentile wasabisa waphinde walishaya yingakho uJohann evule icala lokusatshiwa nokushaywa."

Okhulumela amaphoyisa uMajor Mack Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi bobabili uJentile noJohann bavule amacala okushaywa.

"Bekungakaboshwa muntu."

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.