Uvele enkantolo owavula icala elingekho

2015-01-15 17:31

Mafikeng – Uvele eNkantolo yeMantshi yaseMariana Periodical owesilisa osolwa ngokuqamba  amanga emaphoyiseni ngokusho kwamaphoyisa aseNorth West.  

UColonel Sabata Mokgwabone uthe uDungaan Makola oneminyaka engu-21 ubudala wavula icala lokuphanga kwebhizinisi lakhe esiteshini samaphoyisa eMarikana ngoMgqibelo.

“UMakola wathi kugqekeziwe ejoyintini lakhe endaweni yaseRankelenyane,” esho.

“Watshela amaphoyisa ukuthi wakhonjwa ngesibhamu waphoqwa ukuba ayovula indlu eyanesisefo sesamba semali engadalulwanga esathathwa yizigebengu.

Waphinde watshela amaphoyisa ukuthi izigebengu zambopha zamshiya ngaphakathi ejoyintini,” kuchaza uMokgwabone.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo ovume elokubulala intombi

"Amaphoyisa abe eseqala uphenyo ngalesi sigameko nokuthe uma kuqhubeka uphenyo kwatholakala ukuthi uMakola ubesenga ezimithiyo ngokuphangwa kwebhizinisi lakhe,” eqhube.

Kuvele ukuthi ngesikhathi ephekwa ngemibuzo uMakola wagcine evumile ukuthi waqamba amanga wabe esethatha eyokhombisa amaphoyisa lapho alahla khona isisefo.

“Lesi sefo asithola amaphoyisa sinemali elinganisela ku-R500 phakathi,” esho. 

UMakola unikezwe ibheyili ka-R800 kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 19 kuJanuwari.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.