Uyashuba umbango wezikhundla ze-ANC eKZN

2014-12-19 11:12
Durban – Kuyashuba ngombango wezikhundla kwi-ANC KwaZulu Natal njengoba siya ngokwanda isibalo sabafuna uSihlalo waleli qembu uSenzo Mchunu ashenxe kulesi sikhundla.

Ngokubika kweMercury labo abafuna uMchunu ashenxe baseka uSihle Zikalala onguNobhalal waleli qembu ukuba athathe esikaSihlalo weqembu kulesi sifundazwe.

Leli phephandaba lithole ukuthi amalungu eYouth League naweWomen’s League yiwona ahamba phambili ngokweseka uZikalala kwesikaSihlalo kanti uMchunu wesekwa kakhulu yilabo asebekhulile kuleli qembu.

Amagatsha amaningi asebambe izingqungquthela zawo kubikwa ukuthi ayidingidile indaba yokuthu uMchunu uyaqhubeka nokuhola leli qembu ngemuva kuka-2016 noma kuthatha uZikalala.

OLUNYE UDABA: UMchunu unxenxa ubumbano

UZikalala ukuchaze njengomsangano ukuthi ugaqele isikhundla sikaSihlalo.

“Angifuni ukuchitha isikhathi ngichaza ngomsangano ngoba yikho into efana naleyo,” esho. 

Ngakolunye uhlangothi kubhekwene ngeziqu zamehlo kwigatsha laseThekwini njngoba umbango wokuba wuSihlalo ushubile phakathi kweMeya uJames Nxumalo noMgcinimafa uZandile Gumede. 

Kubikwa ukuthi labo abaseka uNxumalo basohlangothini likaMchunu kanti abaseka uGumede baseka uZikalala.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.