Uyavela osolwa ngoxhaxha lwamacala okudlwengula eThekwini

2015-08-12 07:28

Durban – Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesilisa obefunwa ngohide lwezigameko zokudlwengula ezindaweni zomntakabani eningizimu neTheku, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe le ndoda, 39, iboshwe ngoMsombuluko mayelana nezigameko eziyisithupha zokudlwengula kusukela kuqale lo nyaka.

Kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoLwesithathu.

UZwane uthe lo wayeyenga abesifazane, abaphakathi kuka-22 no-38 ubudala, ngokubathembisa umsebenzi.

OLUNYE UDABA: Umisiwe uthishanhloko nabafundi abasolwa ngokudlwengula

“Kuthiwa wayehamba nalaba besifazane aye nabo endaweni eqhelile kweminye imizi bese ebasabisa ngommese ngaphambi kokubadlwengula.

“Ubephatha nesigubhu samanzi ukuze aphoqe izisulu ukuba zigeze izitho zangasese ngaphambi kokuzidlwengula,” kusho uZwane.

Amacala avulwa eziteshini zamaphoyisa eziseWentworth naseMontclair.

UZwane ube esenxenxa ongaba nolunye ulwazi oluthe xaxa ukuba athinte amaphoyisa, ikakhulukazi labo okungenzeka ukuthi baba yizisulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.