Uyelulama umsakazi osinde kudunwa imoto

2015-08-11 18:16

Johannesburg – Umsakazi wodumo, uLerato Mpopo, uyelulama ngemuva kokuba ebanjwe ngendluzula wangeniswa ebhuthini lemoto yakhe ngesikhathi kudunwa imoto ngemelasonto.

Ngokombiko weSowetan, lo msakazi weLesedi FM DJ, odume ngelikaDJ Lovers, kanye nomkakhe bakhonjwe ngesibhamu ngaphandle komuzi wabo oseBloemfontein ngeSonto ebusuku.

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sehlakalo, athi uLerato bebekhipha izimpahla emotweni ngesikhathi sesehlakalo.

Funda nalolu daba: Iyelulama indoda esinde iphoswa eweni eKZN

"Abalisa abathathu ebebehlome ngezibhamu babakhombe ngazo. UMpopo ushaywe ngesibhamu esiphongweni, bobabili bafakwa ebhuthini lemoto yabo yohlobo lwePolo Vivo," kusho okhulumela amaphoyisa aseBloemfontein uLt-Colonel Thandi Mbambo.

Lezi zithandani zishiywe endaweni engamakhilomitha angu-68 ukusuka eBloemfontein.

Imoto yabo itholakale ngokuhamba kwesikhathi eLesotho.

Bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
3 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.