Uzimisele uMalema ezifundweni zakhe

2015-01-22 13:34

Johannesburg - Umholi weqembu le-EFF uJulius Malema uzoqedela izifundo zakhe zeDegree kwezepolitiki kulo nyaka kanti uhlela ukuqhubeka nemfundo njengabanye abaholi beqembu lakhe.

"Ngisalelwe izifundo eziyisihlanu engizozibhala kulo nyaka," kusho uMalema ngoLwesithathu.

"Ngizoqeda izifundo zami zeDegree kule-semester."

Yize kunjalo, uMalema uthe angeke agcine lapho.

"Ukufunda kuyeqhubeka, akumi ikakhulukazi uma ungakwenzeli ukuyofuna umsebenzi kodwa uma ufuna ukwandisa ulwazi lwakho, uqonde zonke izimo ezivelayo kwezemfundo nakwezepolitiki.

"Yisona-ke isizathu leso futhi asikho isidingo sokuphuthuma."

OLUNYE UDABA: UMalema unesipiliyoni asithole kwi-ANC

UMalema kuthiwa akenzanga kahle kumatikuletsheni kodwa lokho akumvimbanga.

ISekela likamengameli we-EFF uFloyd Shivambu ugogode ezeMasters Degree  kwezepolitiki ngonyaka odlule esikhungweni semfundo ephakeme iWits University.

Okhulumela iqembu le-EFF uMbuyiseni Ndlozi kuthiwa yena uthathe ikhefu lokuyotadisha kanti uMgcinimafa weqembu yena wesulile esikhundleni ngoba efuna ukuyoqedela izifundo zakhe zobumeli.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                               

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.