Uzovela maduzane umakhelwane odubule ingane ngephutha

2015-01-09 12:38

Mamelodi East – Ayaqhubeka amalungiselelo omngcwabo wengane eneminyaka eyisikhombisa ubudala eyadubuleka ngephutha ngesikhathi izithandani ezingomakhelwane zilwela emzini wakubo eMamelodi East.

UNtabiseng Ramoroka wadubuleka edlala ngeselula kanina embhedeni.

ULisbeth Sepogwane, ongumakhelwane, wabalekela kulo muzi ebalekela umyeni wakhe owayemsabisa ngokumbulala.

Lo mlisa owayediniwe wamlandela uSepogwane waze wayofika khona kwaRamoroka.

Funda nalolu daba: Kushone abane kushayisana amaveni eKZN.

Lo mlisa wazama ukudubula unkosikazi wakhe, wavika, inhlamvu yayongena ekamelweni eliseduzane, nokuyilapho ayedlala khona uNtabiseng, yamshaya washona.

Lo mlisa uthweswe icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Nakuba kuthiwa lezi zithandani bezivamile ukulwa kodwa bezingakaze zilubikele amaphoyisa lolu daba, kubika i-eNCA.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi maduzane.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.