'Wayebukeka emsulwa oweba usana'

2015-07-21 11:33

Johannesburg - Iboshelwe esiteshini samamaphoyisa aseRustenburg intombzane, 19, eyayibukeka njegoMsamariya olungile ngezinsolo zokuthumba usana oluzelwe ngoMsombuluko.

Ngokusho kokhulumela amphoyisa, uCaptain Paul Ramaloko, le ntombzane yakhuluma nomama wengane ngaphandle kwesibhedlela saseRustenberg iJob Shimankane Tabane lapho ayelinde azomlanda ngemuva kokubeletha.

"Umsolwa wabongela unina ngosana wamnika nemali engu-R23 ukuba ayothenga azokudla. Lo mama wabe esenika le ntombazane ingane ukuba ayibambe njengoba esayothenga esitolo sasesibhedlela," kusho uRamaloko.

OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo owebe usana esibhedlela

"Ngesikhathi esebuya esitolo ingane nomsolwa babengasekho. Umsolwa watshela abasebenzi basesibhedlela okuyibo abashayela amaphoyisa aseRustenburg ucingo."

URamaloko echaphuna amazwi esisulu ngesikhathi sesiyitholile ingane yaso uthe: "Ngicabanga ukuthi ngavele ngamelwa umqondo isikhashana. Le ntombazane yayibibukeka imsulwa kumina. Angifuni nokwazi ukuthi ibihloseni ngengane yami."

"Uphenyo lwamaphoyisa lwabaholela endaweni yaseSondela EXT-22 eduzane naseBoitekong, eRustenburg emzini wabazali bomsolwa," kusho uRamaloko.

Umsolwa waboshwa, wathweswa icala lokuthumba kanti wahluleka ukuchazela amaphoyisa ukuba wahambelani nengane.

Umama kamsolwa utshele amaphoyisa ukuthi waxakeka indodakazi yakhe ifika nengane ekubeni yayingakhulelwe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.