Wayengiphathisa okwesisebenzi uNicki - Owayeyisoka

2015-01-14 18:31
New York – USafaree Samules owayeyisoka lesihlabani somculi waphesheya uNicki Minaj uphawule okokuqala ngembangela eyamenza waphuma ebudlelwaneni nalo mculi.

Ngokubika kweTimeslive uSamuels uthe lo mculi wayengasamhloniphi esemphathisa okwesisebenzi sakhe.

“Ngeke ngisho ukuthi sahlukana kodwa ngaphuma kulobu budlelwano.

Ngaqoqa imithwalo yami ngahamba. Kwafika isikhathi lapho inhlonipho yabe ingasekho lapho ayephathisa wonke umuntu oseduze kwakhe njengesisebenzi sakhe.

OLUNYE UDABA: Wenza 'amanga' uNicki Minaj

Kwase kunesikhathi lapho engasangiboni njengesoka lakhe kodwa njengomunye wabalala naye nje,” echaza.  

Kusukela uSamuels aphuma kulobu budlelwano uMinaj usemataniswa noMeek Mill nakuba lo mculi ekucacisa ukuthi abathandani.

Ngakolunye uhlangothi uSamuels usebanikeze izibusiso.

“Uma ebona ukuthi makajole noMill makaqhubeke angiphathekile kabi ngoba ukube bengizimisele ukwenza lobudlelwano busebenze bengingakwazi  ukukwenza lokho,”  kusho uSamuels. Uthe wayemsiza ngokubhala izingoma uMinaj.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.