Xwayani amakolishi angoqhiphukhowe

2015-01-12 09:31

Mhleli

Kwelakho elingungqa phambili neliyizwi labantu, ngithi make ngiwuhlabe ngiwulawule ngamakolishi angoqhibukhowe avame ukuqola abantu imali eshisiwe. Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi njengoba unyaka uqala, abafundi abaningi babhekise amabombo ezikhungweni zemfundo ephakeme ze baqeqeshelwe amakhono emisebenzi.

Kubalulekile ukuthi abafundi nabazali bavule amehlo, babheke ukuthi ikolishi lelo ababhalisa kulo kumbe isikhungo isikhungo semfundo ephakeme sibhalisiwe yini ngaphansi kweSouth African Qualification Authority (SAQA).

Akungavunyelwa abafundi ukuthi bethweswe iziqu ezingumgunyathi, kucwile izimali.
Abazali abangajahi ukutholela abafundi izikhala zokufunda bengaqinisekisanga ukuthi isikhungo ababhalisa kuso sibhalisiwe yini ngokusemthethweni. Sibonile emnyakeni edlule abazali kanye nabafundi bekhihla esikaNandi ngenxa yokugqenywa engeqiwa ntwala yizikhungo ezingombombayi.

UMnyango wezeMfundo wabe usuthatha izinyathelo ezinqala ulwa nalo mkhuba kodwa abantu basahudula izinyawo ekusebenziseni izindlela okuhlolwa ngazo ukuthi isikhungo sibhalisiwe yini ngokusemthethweni.

Nginxusa abazali kanye nabafundi ukuba baxhumane neSouth African Qualification Authority ukuhlola ukuthi isikhungo abazobhalisa kuso sibhaliswe ngokusemthethweni.

Bangashayela ku- 012 349 3840 noma bathumele imibuzo ku-admin@che.ac.za

Ngiyanxusa ngiyagcizelela kubafundi nabazali ukuba bangasongi izandla, hleze konakale.



Ozithobayo
Sbonelo 'K-Master'Khumalo, eNtuthuko oPongolo





Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.