Yizambane kuphela umhlaludliwa

2014-12-30 15:41
Ntombizenele Mtshali

Ntombizenele Mtshali (Own)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Cape Town - Sesiqalile sibala amahora ngaphambi kokuthi singene onyakeni omusha.

Kuvamile-ke ukuthi uma kuqala unyaka, abantu babe nezinto abazibekela zona ukuthi kumele kuphele unyaka bezifezile noma bezishintshile ngempilo yabo. Nami ngingomunye wababa nezinhlelo ezithile, kuthi ezinye zazo ziphumelele ezinye kukhathaleke endleleni.

Isifiso sami esikhulu njengoba kuzoqala unyaka, ukuthi kukhuthazeke amantombazane abambe isimilo kuphinde kukhuthazwe namadoda ukuthi adle izithukuthuku zawo, angaphili ngodanki.

Singosisi sengathi singafunda ukugabisa ngoba ishelwa isovozile, bese sibancintsha nje kancane hleze bakhuthazeke obhuti basilobole.

Angisho ukuthi abantu abathengiselwe ingulube isesakeni, ngithi okungenani mzwise kube kanye bese umcikiselela umtshele ayokhokha kuze ezothola njalo ngokuthanda kwakhe. 

Mabili mathathu amabhode ekuthi uma ephekiwe angabi nezambane phakathi. Izambane abanye balibiza ngomhlaludliwa noma bathi yinkosi yebhodwe, ngakho belu ukutholaka kwalo kalula.

Ayikho-ke intombazane ekumele ibe yizambane, ibe ngumhlaludliwa, into etholakala kalula nangamanani aphansi. Yebo akhona lawo mantombazane aziphathisa okwamazambane , uthi ikuleli bhodwe qhamu thushu nansi nakuleli.

Kulo nyaka ozoqala kuyisifiso sami ukuthi amantombazane azimisele ngomendo, ancikisele, ashintshe ukwenza, angabi omhlala... njengamazambane.

Ngiyazibuza ukuthi yini engenza indoda ilobole ibe ithola zonke izidingo zomnumzane okhokhile, yona ingakhiphanga nendibilishi? Mhlampe kumele sithi uma sicula iSingle Ladies kaBeyonce, siyicule sibe siqinisile ngalokhu esikushoyo.

Abantu abangagcini ngokuthi bathi simnandi ekugcineni bangenzi lutho ngalokho. Akuthi uma ngimngenise kahle wachazeka, angibambe ngomshado-ke kuze ngingeke ngincikiselele noma ngivale amabhodwe engakaqedi ukudla.

 

Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com 


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.