Zigcwele ziyaphuphuma ezemfundo ephakeme eKZN

2015-01-12 12:30

Durban - Izikhungo zemfundo ephakeme esifundazweni saKwaZulu-Natal, zigcwele ziyaphuphuma abafundi abazozama izikhala zokufunda onyakeni ka-2015. 

Izikhungo i-University of KwaZulu-Natal (UKZN), i-University of Zululand (Unizulu), iDurban University of Technology (DUT) kanjalo neMangosuthu University of Technology (MUT), zamukele izinkulungwane zezicelo zabafundi.

Kamuva zingu-90 000 izicelo ezamukelwe kanti zingu-8 400 kuphela izikhala ezikhona, kusho abezindaba zeMercury.

Funda nalolu daba: Xwayani amakolishi angoqhiphukhowe

Ngokusho kwezibalo abafundi abaningi bafuna ukungena emkhakheni wosonhlalakahle, ubuthishela, abahlengikazi kanjalo ne-psychology.

Kubafundi bakamatikuletsheni baka-2014, bangu-150 752 abaphasele ukwenza ama-degree babe ngu-166 689 abaphasele ukwenza ama-diploma.

Abanye babafundi baqome ukushiya esifundazweni bayokwenza izifundo zabo e-University of Cape Town (UCT), Stellenbosch University, University of the Witwatersrand kanjalo nePretoria University.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.