Zimkhalele osolwa ngokudlwengulela emakhazeni

2015-08-02 11:26

East London – Kuboshwe umlisa oneminyaka engu-25 ubudala ngezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-21 ubudala izikhawu eziningi emakhazeni aseDutywa, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngeSonto.

"Kusolwa ukuthi isisulu sasibuya emsebenzini ngoLwesihlanu, mhlaka 31 Julayi 2015 ngezithuba zabo-23:45 ngesikhathi sihlaselwa umsolwa," kusho uCaptain Jackson Manatha.

Funda nalolu daba: Kushone 1 kwalimala 12 kweyomgwaqo

"Umsolwa owayehlome ngommese wasabisa isisulu wabe esesidonsela emakhazeni aseduzane nokuyilapho kuthiwa wamdlwengulela khona ephindelela.”

Umlisa eseqedile wasidedela isisulu kanti sizohlangana namaphoyisa sawabikela ngesehlakalo.

UManatha uthe amaphoyisa amthola esethaveni umsolwa, khona eDutywa.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yMantshi yaseDutywa ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.