Zimkhalele otholakale nesidumbu esinqunu sentombi

2015-08-24 06:56

Rustenburg – Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela emgwaqeni oseZeerust ngezinsolo zokubulala intombi yakhe, kusho amaphoyisa aseNorth West ngeSonto.

“Umsolwa utholakale nesidumbu esinqunu sentombi yakhe, 22, siseceleni kwemoto yakhe ngoMgqibelo, kuZeerust-Lichtenburg Road,” kusho uMajor Pelonomi Makau.

“Kusolakala ukuthi abashayeli abebedlula ngendlela yibo ababone isidumbu salo wesifazane sidindilize eceleni kwemoto kamsolwa.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe indoda eshaye intombi ngepuleti ebusweni

“Lokhu kwenzeke ngesikhathi umsolwa emisa abanye abashayeli ngemuva kokufelwa yimoto.

“Ngokusho kolwazi olukhona, lo wesifazane ubegqoke iphenti kuphela, kanti kusolakala ukuthi uklinywe waze washona ngoba uphenyo lutshengise izibazi emqaleni wakhe.”

Le ndoda zibe seziyayikhalela ngemuva kokubizwa kwamaphoyisa.

Akucaci okwamanje noma lo wesifazane udlwenguliwe na.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLichtenburg ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.