Ziyaqina ezikhomba uWilliams kwizimbangi zaseSoweto

2015-01-07 17:31

Johannesburg – Ziyaqina izindaba zokuthi unozinti weSuperSport United uRonwen Williams angase alishiye leli qembu njengoba sekuvele ukuthi amaqembuamabili kwiPSL asekhombise intshisekelo kuyena.

Ngokothola kweKickOff elinye lala maqembu eligaqele lo nozinti oneminyaka engu-22 ubudala yi-Orlando Pirates kanti futhi isixhumanile ne-United mayelana nokumsayina.  

Kubikwa ukuthi elinye futhi iqembu eligaqele lo nozinti yiKaizer Chiefs njengoba lingakaziwa ikusasa lika-Itumeleng Khune ozophelelwa yinkontileka ekupheleni kwale sizini.

OLUNYE UDABA: Uzohlala izinyanga ezimbili engadlali uWilliams

Ngokombiko i-United isabheka amathuba akhona nokuthi la maqembu abeka okungakanani etafuleni ukuze athole lo nozinti.

“IPirates izimisele kakhulu ngoWilliams kodwa lokhu kungashintsha uma kwenzeka bethola uKhune. Uma uKhune eshiya iChiefs kuvula elinye ithuba lokuthi uWilliams ajoyine Amakhosi.

Uma uWilliams ehamba kuzovula amathuba okuthi uWayne Sandilands ongasafuni ukuhlala kwiMamelodi Sundowns abuyele kwi-United,” kuchaza umthombo.

UWilliams kubikwa ukuthi useluleme ekulimaleni akuthola ngesikhathi Amatsatsantsa edlala neChippa United lapho alimala kho ebusweni.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.