Zizohlonzwa ngama-DNA amasha ezabasala eNigeria

2015-01-09 13:33

Johannesburg - Seluqalile uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu zabaseNingizimu Afrika abangu-11 zalabo abasala eNigeria, kusho uhulumeni waseNingizimu Afrika ngoLwesihlanu.

"Uhulumeni uzibophezele ukubuyisa izidumbu zabangu-11. Umsebenzi wokuhlonza usuqalile kulandela ukuma ngesikhathi samaholidi,” kusho uPhumla Williams.

"Sizoxoxisana nemindeni uma nje uhlelo lokuhlonza kusetshenziswa ulibofuzo seluphothuliwe.”

Funda nalolu daba: Uhulumeni usazama ukubuyisa izidumbu ezasala eNigeria.

Bangu-85 abantu baseNingizimu Afrika abashona kwathi abangu-26 balimala ngesikhathi kuwa isakhiwo sebandla lika-TB Joshua iSynagogue Church of All Nations eLagos ngonyaka odlule.

Izidumbu ezingu-74 zona sezabuyiswa ngemuva kokuhlonzwa ngempumelelo.

"Ezingu-11 zasala ngemuva kokuba ulibofuzo lwezihlobo lungazange lifane nolwezisulu,” kusho uWilliams.

"Kube sekuthathwa ulibofuzo kabusha ezihlobeni kanti manje luyaqhubehla uhlelo lokuhlonza.”



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.