Ababanjwe inkunzi banqabe ukuvulela abasolwa icala

2017-09-01 19:30

Durban - Izisulu zokubanjwa inkunzi endaweni yasePinetown zinqabile ukuyovulela abasolwa icala zathi zifuna ukubuyiselwa impahla yazo.

Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko agijimise abasolwa ababopha ePinetown ngecala lokuphanga.

Ngokusho kuka-Andreas Mathios wenkampani yonogada iBlue Security, izisulu zitshele amaphoyisa ukuthi azifuni ukuvula icala kodwa zicela ukubiyiselwa impahla yazo.

OLUNYE UDABA:Uphika icala 'owabhunyela izisulu ngamanzi abilayo'

Isigameko senzeke izolo (ngoLwesihlanu) ntambama maphakathi nedolobha iPinetown.

"Izisulu zimise amaphoyisa ezithuthuthu ngesikhathi zibanjwa inkunzi ngabasolwa abebehlomile maphakathi nedolobha. Sitshelwe yizo ukuthi ziphucwe imali namaselula.

"Zitshele amaphoyisa ukuthi abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lwe-VW Polo," kusho uMathios.

Uqhube ngokuthi ngemuva kwemizuzu engu-45, abasolwa bese beboshiwe, imoto nempahla eyebiwe sekutholakele.

 - Highwaymail

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.