Ababhikishi bagasele kwa-ANN7 befuna kubuyiswe uhlelo lukaMboro kumabonakude

2018-05-04 14:03

Johannesburg - Izingane zesikole ezigqoke umfaniswano wesikole zibe yingxenye yequlu labantu eligasele emahhovisini akwa-Afro World View (AWV) ayengawakwa-ANN7 eMidrand abafuna ukuba kubuyiswe uhlelo lukaMfundisi Paseka "Mboro" Motsoeneng kumabonakude.

Uhlelo i-Incredible Happenings lwasulwa ezinhlelweni lwalesi siteshi esesiphethwe ngusomabhizinisi uMzwanele Manyi.

Ababhikishi basabise ngokushisa amahhovisi ekomkhulu lesiteshi uma izikhalo zabo ezidluliselwe kuManyi zingabuyi nezimpendulo abayifunayo.

OLUNYE UDABA:BUKA: UMboro ekhulekela izithandani, ethi azithintane izitho zangasese

Amakhulu ababhikishi, okubalwa kubo abaholi bamabandla, osomabhizinisi abancane, abafundi nabahlali basehostela eKurhuleni bagasele emahhovisi akwa-AWV bephethe izingqwembe besola uManyi ngokuba yisela nokuba ngumqambimanga.

UMbhishobhi uLehlohonolo Ntamo, obehola ababhikishi, uthe uMboro ubenelungelo lokungena kwezomsakazo ethule uhlelo lwakhe.

"UMboro usiza abantu bethu. Wenza isithembiso ukusebenzisa uhlelo lwakhe ukusiza umphakathi ngezindlu nangempahla yokugqoka," kusho uNtamo.

"Sifuna i-Afro World View ukuba isinike izimpendulo ukuba kungani bevale uhlelo."

UNhlanhla Nhlapo waseKatlehong eKurhuleni, uthe: "Ngangingalali ebusuku ngiphupha kabi ngaze ngathola usizo kuMboro."

Uthe uhlelo kufanele lubuyiselwe ukuze kusizakale abanye abantu.

Ngemuva kokuthola izikhalo zababhikishi, uManyi uzwakalise ukudumala ngokuba khona kwezingane.

"Ngidumele kakhulu ngokuthi izingane ezincane okufanele engabe zisesikoleni zisetshenziselwa ukulwa izimpi zabantu abadala," kusho uManyi.

Uthe uhlelo lwesulwa ngoba lwalungahlangabezani nenqubo yabo.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.