Ababhikishi bamise yonke into, kwavalwa nezikole eVuwani

2017-02-06 11:32

Vuwani – Ukufunda kanye neminye imisebenzi yasemphakathini ime nse eVuwani, eLimpompo, njengoba abahlali bakuleli lokishi kanye nasezindaweni ezingomakhelwane bethi abafune lutho oluvela kumasipala omusha.

Iqeqebana elizibiza ngePro-Makhado Task Team, nelilwela ukuthi iVuwani ikhishwe ngaphansi kwamasipala omusha eLimpompo, eVhembe district, selihlanganise abalandeli balo ukuba bagcwale imigwaqo.

Lokhu kulandela umhlangano wangoLwesihlanu phakathi kwethimba longqongqoshe likahulumeni kanye nabaholi bomphakathi waseVuwani, nowaphela ngokuthi izinhlangothi zombili zifinyelele esivumelwaneni.

OLUNYE UDABA: Bekungakaqali ukufunda namanje eVuwani

Ngempelasonto bekusatshalaliswa amapheshana ezitaladini kanye nasemaspaza akule ndawo abemema abahlali kulokhu okuchazwe njengomhlangano “wokuphusha okokugcina” ozoba ngoMsombuluko wokuxoxa ngalo mkhankaso kahulumeni wokufaka iVuwani ngaphansi kwamasipala omusha

Lesi simemo besithi abahlali bazomasha belibhekise emahhovisi kamasipala nalapho bezofike bafune khona ngo dli izikhiye “zamasipala wethu”, nokuyindlela ababiza ngayo umasipala waseMakhado.

Sekunesikhathi eside umphakathi wakule ndawo ulwisana nesinqumo seMunicipal Demarcation Board's (MDB)  sokuwufaka ngaphansi kwamasipala omusha.

Okhulumela leli thimba lo mphakathi, uNsovo Sambo, sekukaningi efanisa lesi sinqumo nesenzo sokudlwengulwa.

Lokhu kwaholela ekutheni izakhamuzi zidube ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule kanti kwaphinde kwashiswa nezikole ezingaphezu kuka-26. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.