Ababhikishi bavale isibhedlela eNorth West

2018-04-25 12:32

Johannesburg - Ababhikishi bavale thanqa iTshepong Hospital eKlerksdorp esifundazweni iNorth West.

Ababhikishi abavumeli muntu ukuba angene noma aphume kulesi sibhedlela.

Akucaci ukuthi ngabe ababhikishi basaqhubeka nesiteleka sabasebenzi bezempilo abangaphansi kweNehawu esifundazweni noma sihlobene nesikazwelonke esiholwa yiSaftu.

UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uthi bayazi ngesiteleka esiqhubekayo kulesi sibhedlela.

Udokotela kulesi sibhedlela, uSolwazi Ebrahim Variyava, uthi ababhikishi bashisa amathayi ezimoto kanti futhi abafuni ukuba ama-ambulensi angene ngaphakathi.

OLUNYE UDABA: I-DA neminye imizamo ezocacisa ngekusasa lika-De Lille

Uthi abekho onogada noma amaphoyisa aphelezela ama-ambulensi.

“Sikhathazekile ngeziguli ezisemagunjini abagula kakhulu, nakwamanye amawodi, ezingeke bakwazi ukubonana nodokotela noma abahlengikazi – futhi angazi ukuthi mangaki amanesi asangaphakathi, abekade engene ebusuku.

“Sonke sihlezi ngaphandle kwaseKlerksdorp Hospital, okuyisibhedlela esisebenzayo, sifuna ukungena eTshepong.”

“Abanye bababhikishi bebefuna ukukhokhelwa u-R20 ukuze bavumele odokotela bangene ngaphakathi,” kusho uVariyava.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.