Ababili bakwaNongoma bagwetshwe udilikajele ngelokubulala

2017-07-24 12:33

Durban - USifiso Nkosinathi Zulu, 21, kanye noKwanele Zulu, 17, balahlwe yicala lokubulala, bagwetshwa udilikajele eNkantolo yeseFunda kwaNongoma.

USifiso ugwetshwe iminyaka engu-25 kanti uKwanele yena ugwetshwe iminyaka engu-15.

Laba balahlwe yicala elenzeka ngomhlaka-3 Meyi 2016 lokunyamalala kukaKhanyisile Caroline Mndlovu, 23, ekhaya kubo eMvulazi, kwaNongoma.

OLUNYE UDABA:Udilikajele kowadlwengula ingane, 6, wayinika u-R5

“Ngosuku anyamalala ngalo ebusuku kwatholakala isidumbu sakhe sinamanxeba okugwazwa. Wayegwazwe esihlathini nasentanyeni futhi kubonakala nokuthi unklinyiwe kuqala. Isidumbu sakhe satholakala sinqunu,” kusho amaphoyisa ngesitatiminde.

Kwavulwa icala lokubulala kanti uphenyo lwamaphoyisa yilona olwaholela ekubanjweni kwalaba basolwa ababili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.