Abadlali abamphoqanga u-Ertugral ukuba ahambe, kusho uKhoza

2016-11-04 10:00

Cape Town – USihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, useyichithile imibiko yokuthi abadlali baleli qembu baba yisizathu sokuthi kusule isigubhukane umqeqeshi weqembu, uMuhsin Ertugral.

UKhoza wakuqinisekisa ukusula kwa-Ertugral, kulandela ukuthelwa ngehlazo kwePirates ngenkathi ibhaxatshulwa ngo-6-1, yiSuperSport United ngoLwesibili ebusuku, kodwa waphika ukuthi abadlali babe nesandla kulokhu.

“Sinenhlanhla kwi-Orlando Pirates ukuthi asikaze sibhekane nalokho.

“Uma sesibona lokho kwenzeka kumele wazi ukuthi kukhona okungahambi kahle ngalabo badlali,” uKhoza utshele iSowetan Live.

OLUNYE UDABA: Owe-Pirates uchaza ngokuthi kungani ayethanda iChiefs

Uqhuba uthi uma kungenzeka njalo bangaxhumana noNgqongqoshe noma uSomlomo wePhalamende ngoba lowo mdlali angabe efanelwe ukuba kwipolitiki.

“Ngoba uma ngabe uyiyeka izodala umdlavuza ozomosha iqembu. Futhi ngesinye isikhathi ungancamela ukubadedela bahambe bese uqala kabusha – ngisho noma ungenalo iqembu.

“Kodwa abadlali kufanele badlalele izizathu ezifanele futhi bangazibandakanyi namandla abadlali,” kuqhuba uKhoza engeza ngokuthi ngokujwayelekile lo mkhuba wenziwa abadlali abangenzi kahle, wathi kodwa uthemba ukuthi akusoze kwenzeka kuMabhakabhaka.

Kodwa-ke uKhoza akafunanga ukuphawula ngenkathi ebuzwa ngokuhluthukelwa yinhliziyo kwa-Ertugral, nokosolwa ukuthi yikhona okwaholela ekujikijelaneni ngamazwi phakathi kwalo mqeqeshi nomdlali wePirates, u-Edwin Gyimah. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.