Abadlali abane abasebancane bakhushulelwe eqenjini elikhulu kuMakhosi

2017-08-15 19:29

Durban - Njengoboa kusele izinsuku ezimbalwa iqale isizini entsha ye-Absa Premiership, iKaizer Chiefs isimemezele ukukhushulwa kwabadlali abane abasebancane.

UBruce Bvuma, Khotso Malope, Wiseman Meyiwa kanye noNkosingiphile Ngcobo sebekhushulelwe eqenjini elikhulu.

UBvuma, Ngcobo kanye noMeyiwa badlale imidlalo embalwa kwiligi ye-Multi Choice Diski kanti uMalope wayebolekwe yiThanda Royal Zulu futhi wenza umsebenzi oncomekayo ukuqinisekisa ukuthi leli qembu liyaphuma ehlathini.

OyiMenenja-jikelele yaMakhosi, uBobby Motaung, uhalalisele laba badlali ngokuthola ithuba lokudlala neqembu elikhulu.

OLUNYE UDABA:Ishaywe ngoswazi oluncane iKaizer Chiefs eThekwini

"Sekunesikhathi sibheka indlela abadlala ngayo la badlali futhi bese beqalile ukuzilolonga nethimba nokuyilapho ebesibavivinya kahle khona ukuze sibone ukuthi sebekulungele na ukudlala ezingeni eliphezulu," kusho yena.

UMotaung uqhubeke wathi la badlali bazobuyisa umdlandla kuleli qembu kanti futhi bayilambele intuthuko nokuyinto edingekayo ukuqinisa leli qembu.

UBvuma, 22, akaqali ukujoyina leli qembu njengoba aseke wadlala imidlalo emibili nalo ngo-Ephreli.

Uselijoyine ngokuphelele ithimba lonozinti elihlanganisa u-Itumeleng Khune, Brilliant Khuzwayo, Brylon Petersen noLuthando Sixhaso.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.