Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMuhsin Ertugral usechaze wathi ithimba labaqeqeshi nabadlali yima besathola isikhathi sokwazana, wathi le sizini ezoqala izoba ngenhle.
AmaBhakabhaka aguqiswe ngo 2-0 yiKaizer Chiefs koweCarling Black Label Champion Cup obuse-FNB Stadium ngoMgqibelo, kubika iKickOff.com.
U-Ertugral uthe abantu kumele bakuqonde ukuthi kuthatha isikhathi eside ukuhlanganisa iqembu elisha, wathi ukuhlulwa kwanamhlanje kumnikeze ithuba lokubona lapho iqembu lintenga khona.
Uthe useyawazi amaphutha okumele bawalungise ngaphambi kokuthi bahlangane neGolden Arrows kowe-PSL.
OLUNYE UDABA: U-Ertugral uchaza ngesizathu sokushiya i-Aces
“Yize kubuhlungu ukuhlulwa, ngibonga ukuthi ngilitholile ithuba lokubona ukuthi kwenzakalani eqenjini.
"Yisonto lesithathu leli sizilolonga, abafana basazana kangcono kuzothi ngokuhamba kwesikhathi kuqale ukucaca."