Abadlali baTinkler bazohlukaniselana izizumbulu ngokunqoba i-MTN8

2017-10-16 11:00

Johannesburg - Abadlali beSuperSport United bazobe behleka bodwa bebheke ebhange ngemuva kokunqoba isicoco se-MTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.

ISuperSport ishaye iCape Town City ngo-4-2 kumaphenathi ukuthatha isicoco seshumi nambili selokhu yabakhona.

Abafana baka-Eric Tinkler bazohlukaniselana ingxenye yemali ka-R8 million (u-R4m) bebongwa ngomsebenzi wabo omuhle.

"Kuwumgomo wethu ukuhlomulisa abadlali bethu ngokusebenza ngokuzikhandla. Sizophinde senze okufanayo ngemuva kokunqoba owamanqamu e-MTN8,” kusho okhulumela ikilabhu uDavid Skhosane etshela iKickOff.com.

OLUNYE UDABA: UMotsepe nezifiso ezinkulu ngoPitso

AMatsatsantsa ngeke abenaso isikhathi esiningi sokujabula njengoba ezodlala nekilabhu yaseTunisia, iClub Africain, kulo Mgqibelo emizameni yokuzitholela indawo kowamanqamu e-CAF Confederation Cup.

Le kilabhu yaseTshwane idlale ngokulingana ngo-1-1 emlenzeni wokuqala obusekhaya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.