Abadlali beqembu elisemsileni kwi-PSL bathenjiswe amabhonasi

2018-03-22 12:30

Johannesburg - Emizameni yokuvika izembe, iPlatinum Stars isiyethembise abadlali bayo amabhonasi.

Ngokusho komthombo osondelene neDikwena, abadlali kulindeleke bathole ibhonasi lika-R10 000 ngomdlalo ngamunye kwabazoyinqoba, baphinde bathole u-R5 000 ngemidlalo abazoyidlala ngokulingana.

IStars njengamanje ihleli emsileni, ngamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-24.

IDikwena isanqobe imidlalo emithathu kuphela kwi-Absa Premiership kule sizini kanti izulelwa ngamanqe.

OLUNYE UDABA: Ukushoda kwamagoli kuyibuyisela emuva iChiefs - Komphela

Ngokusho kwesinye sezikhulu kwiDikwena, amabhonasi bazonikezwa wona ngenhloso yokukhuthaza abadlali ngalesi sikhathi esinzima.

“Yebo, sekubekwe eceleni imali yamabhonasi ezotholwa ngabadlali,” kusho isikhulu.

“Sisanethemba lokuthi singakwazi ukuvika izembe,” esho.

IStars emdlalweni olandelayo izobhekana neBaroka FC eRoyal Bafokeng Stadium ngo-Ephreli 4. IDikwena yagcina ukuwina idlala neBivest Wits ngoDisemba 16.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.