Abafana bachithwe amabhayisikili base beshayiswa yimoto

2016-07-31 09:10

Johannesburg - Abafana ababili abaneminyaka engu-11 no-12 ubudala balimale kabi ngemuva kokushayiswa yimoto yase iyabahudula kuCircle Drive, eWyebank, ePinetown.

Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko ngabo-13:00 bathola la bafana ababili behlezi etekisini, kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

Kuthiwa lezi zingane bezidlala amabhayisikili zase ziyawa kuwona, zashayiswa yimoto.

OLUNYE UDABA: Bashayiswe yiloli bashona abesifazane ababili oThongathi

Omunye wabafana ulimale kabi, kwathi lo omunye walimala ekhanda waphuka nengalo.

Kukholakala ukuthi umshayeli wetekisi udlule endaweni yesigameko kusanda kwenzeka le ngozi, wase esiza lezi zingane.

Abosizo lokuqala babe sebephuthumisa lezi zingane e-RK Khan Hospital.

"Umshayeli wemoto eshayise lezi zingane ubesathukile," kusho uVermaak.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.