Abafana bathola ngekhanda lomuntu beya esikoleni

2017-09-03 11:18

Flagstaff - Izidumbu zabesifazane ababili, oneminyaka engu-89 ubudala nesendodakazi, 47, yakhe zitholwe ngemuva kokuba abafundi ababili bethole ikhanda besendleleni ebheke esikoleni eSigodlweni, ngoLwesine ekuseni, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwsihlanu.

Ngesikhathi la bafundi, abaneminyaka engu-12 ubudala, bethola ikhanda endleleni yesizulu, babikele amalungu omphakathi okuyiwo abe eseyofuna isidumbu sesisulu, kusho okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uNozuku Handile.

UHandile, uthe ikhanda belinamanxeba amaningi ubuso bungabonakali kahle.

OLUNYE UDABA:Kubulawe umama nendodana yakhe, 2

Isidumbu sesisulu sitholwe ngaphandle komuzi, isalukazi sishonile ngaphakathi.

Amalungu omphakathi abikele amaphoyisa okuyiwo athole ukuthi isisulu yindodakazi yesalukazi.

Isalukazi besilimele kakhulu futhi salahlekelwa yigazi eliningi. Umama nendodakazi bebehlala bobabili kulo muzi, kusho uHandile.

Uthe akukaboshwa muntu okwamanje. Imbangela yokubulala ayikaziwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.