Abafundi bacasuke bashisa amakilasi amadala

2017-10-18 07:00

Ventersdorp - Abafundi besikole samabanga aphakeme iPhiri Secondary School endaweni yaseBoikhutso eVentersdorp bacasuke uMnyango wezeMfundo esifundazweni iNorth West kangangokuba bashise amakilasi "abesebolile".

Umholi womphakathi uThemba Motshwene utshele abephephandaba iPotchefstroom Herald ukuthi laba bafundi bebefundela esikoleni esidala kusukela ngo-1999. Uma kunezimvula ezihambisana nesiphepho, amakilasi abegcwala amanzi.

“Yize kwakuhlezi kunemihlangano eminingi, ushintsho lwalungenziwa ngaphandle kokuthi kushintshwe othishanhloko. Iningi labafundi asebaqeda banezingane ezifunda lapha ngaphansi kwesimo esifanayo nalesi abasishiya," kusho yena.

OLUNYE UDABA: Uthishanhloko 'ungqimuze' abafundi odongeni

UMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe wafika ekuqaleni kwalo nyaka, wathembisa abafundi kanye nazinye izinhlaka ezibamba iqhaza kulesi sikole ngokuthi lukhona ushintsho abazoluletha.

"Ngesikhathi kubonakala ukuthi alukho ushintsho olwenziwayo, abafundi bavele bavuka umbhejazane bashisa amakilasi. Sekusele igama kuphela kulesi sikole ngoba amakilasi ashe angqongqa," kubika leli phephandaba.

UFreddy Sepeng, okhulumela uMnyango kulesi sifundazwe uthe bakugxeka kakhulu ukushiswa kwempahla wathi kunenkampani yabakhi ezoqala umsebenzi wokuvuselela lesi sikole ekupheleni kwale nyanga.

"Abafundi baGrade 12 yibona abathinteke kakhulu kulokhu kodwa uMnyango uzozama ukuhlela amakhempu lapho abafundi bakamituletsheni bEzofundela khona ukuze balungiselele izivivinyo," kusho yena.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.