Durban - Umfundi owenza umatikuletshenui esikoleni iSibonelo High KwaMashu uthe izinto zokuthutha ezingathembekile angeke zizeziyekise abafundi ukuya ezikoleni ezikude nasemakhaya ngenhloso yokuthola imfundo esezingeni ezikoleni ezingcono.
UPhilile Ntombela ubengomunye wabakhulume emngcwabeni wabafundi abathathu kwabane abashona engozi eyenzeka endaweni yaseNtuzuma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngomhlaka-11 Januwari.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ingozi yetekisi nemoto encane eNtuzuma
Kukholakala ukuthi umshayeli wetekisi elalihamba lezi zingane lazama ukudlula enye imoto kodwa lashayisana nebhasi eNtuzuma.
Emngcwabeni ngoMgqibelo, uNtombela unxuse iziphathimandla ebezihambele lo mngcwabo, okubalwa kuzo uNgqongqoshe wezokuThutha, uMxolisi Kaunda neMeya yeTheku, uZandile Gumede ukuba balusukumele udaba lwezokuthutha izingane zesikole.
UNtombela oneminuyaka engu-16 ubudala, ekhuluma neNewswatch uthe isigameko sibenze ukuba baphikelele ekulelweni ukuthi abafundi bahlinzekwe ngezokuthutha eziphephile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter