'Abafundi badinga ukwesekwa ngaphambi kokuphuma kwemiphumela'

2017-01-03 13:00

Johannesburg - Njengoba abafundi bamatikuletsheni belindele imiphumela, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) ithi noma ngabe ithini imiphumela, akusho ukuphela komhlaba.

Imiphumela yabafundi bamatikuletsheni ka-2016 izokhishwa ngoLwesine.

UMnyango wezeMfundo eMpumalanga unxuse abazali ukuba bagqugquzele abafundi ukuba bayolanda imiphumela yabo ezikoleni, bangathembi imiphumela ekhishwe ngeminye imithombo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa ngodlwengulelwe ehlathini

UMnyango uthi lokhu kuzonciphisa ukudideka futhi kunikeze othisha ithuba lokuchaza baphinde beluleke abafudi ngendlela efanele ngokwemiphumela yabo.

Imenenja yeSadag, uTracy Feinstein, ithi lesi yisikhathi esinzima kubafundi bamatikuletsheni kanti imindeni kumele ibeseke, kubika iSABC.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.