Abafundi badube ukufunda befuna imvume yokugqoka amabhulukwe 'a-skinny'

2017-08-27 13:46

Pretoria – Abafundi basePretoria West High School badube ukufunda ngoLwesihlanu ngoba befuna ukuvunyelwa ukuba bagqoke amabhulukwe ababambayo, hhayi ajwayelekile.

Abafundi bathi bafuna isikole sishintshe imithetho ukuze bazizwe kahle ezingubeni abazigqokayo.

Abafana kanye namantombazane badube ukufunda ngokubambisana, bekhala ngokuthi amabhulukwe abawagqokayo makhulu.

Abafundi bathi bazoqhubeka nokugqoka amabhulukwe ababambayo kuze kube isikole sishintsha imithetho yaso.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwashona omunye umvukuzi emayini

Umthetho omayelana nendlela yokugqoka uvimbela abafuni ukuba bangangeni emagcekeni esikole uma bengagqokile umfaniswano ngendlela yakhona.

UMnyango wezeMfundo eGauteng ukugxekile ukuphazanyiswa kokufunda.

UMnyango uthe kunezinto ezibalulekile okungakhulunywa ngazo, ezingasiza ekutheni abafundi bathole imiphumela emihle, hhayi lolu daba.

Uphinde wathi uma abafundi bengeneme ngendlela okugqokwa ngayo, lolu daba baludlulisele kwi-RCL noma kwikomidi elengamele isikole.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.